Kwa-GEMS siyalalela uma amalunga ekhuluma. Siyazigqaja ngobugugu bokuxhumana okucacile futhi siphokophele ukuqinisekisa ukuthi izinkethi zethu zenzuzo namasevisi akhuluma nezidingo zamalunga ethu.
Ngiyajabula ukwethula izinzuzo zika 2010 kuwena. Kule bhrosha, ulwazi oluthe xaxa luhlinzekiwe mayelana nekhava ekhokhelekayo nelingene umsebenzi wena, njengelunga lwaka-GEMS, ongakwazi ukungena kuyo ngo 2010. Sikukhuthaza ukuthi ukhethe inkethi ekufanele kakhulu kanye nezidingo zomndeni wakho.
Ukuphokophelela kwethu ekwenzeni ngcono kungubufakazi kwisibophezelo SETHU kuwena, izidingo zakho zezempilo kanye nasekukhetheni KWAKHO. Kulo mhlahlandlela siveza izinkethi zethu ezikhokhelekayo eziyisihlanu - ukukusiza wenze ukukhetha okwazisiwe kwenkethi yenzuzo ezolungela izidingo zomndeni wakho ngo 2010.
Izinzuzo ezingumongo ezitholakala kumalunga ngo 2009 zigcinelwe u 2010. Sinyuse futhi imikhawulo yezinzuzo etholakalayo futhi sengeze ezintsha, ezinjengenzuzo entsha ye-Block kwinkethi ye-Emerald. Siyaziqhenya ngokwazi ukuthi ngisho nasezikhathini zomnotho ezinzima esizithola kuzo, siyaqhubeka nokunikezela ngonakekelo lwezempilo olukhokhelekayo noluyikhwalithi kuwena.
Iminikelo ka 2010 iqala ku R424 kanti sikwazile ukugcina ukunyuka komnikelo olingene kuzo zonke izinkethi ku 10,8%. Amathebula omnikelo ka 2010 afakiwe kulo mhlahlandlela, ukuze ukwazi ukubona kahle ukuthi ukunyuka kuzolithinta kangakanani iphakethe lakho.
Ngithanda ukukubonga ngesaphothi yakho eqhubekayo bese ngikufisela impilo enhle kakhulu ngo 2010. Khumbula ukuthi u-GEMS uhlala enguphathina wakho empilweni enhle.
Ekupheleni konyaka ngamunye sihlinzeka amalunga ethu ngethuba lokushintshela kwenye inkethi yezinzuzo. Ukuze ukhethe kudingeka ucabangisise izidingo zakho zonakekelo lwezempilo, izinzuzo ezikhona kwinkethi ngayinye kanye nomnikelo wanyangazonke.
Sicela ukucabangisise lokhu njengoba uvunyelwe ukuthi ushintshe inkethi yakho kanye kuphela ngonyaka. Uma ufisa ukushintsha inkethi yakho ngo 2010, sicela ulandele izinyathelo ezilula ezintathu ezingenzansi. Khumbula ukuthi ifomu lakho loku "Khetha" kufanele lifike kithina ngomhlaka noma ngaphambi kuka 30 Novemba 2009.
Lo mhlahlandlela uqoqa izici ezinhlobonhlobo ze-GEMS. Wenzelwe ukuba ireferensi esheshayo kuphela kanti awuyibambeli imithetho yeSikimu. Uma kwenzeka kuba nenxushuxushu, imithetho ebhalisiwe iyosebenza kuqala.
